Ukuzinikela Ekufeni Isibili by Bonga Ngwane

R220,00

Description

Kushubile kuhulumeni wamaBhunu eNingizimu-Afrika, adidekile ngenxa yamabhomu e-ANC aqhuma ubuqhuqhuqhu ePitoli. Asebuyise uvava lwenhloli eseyashiya ebunhlolini ukuba lwembukele ku-ANC ukuze luthole obhongoza bayo bempi kanye namasunezimfihlo ze-ANC ngenhloso yokubacoboshisa bonke ngothi lwabo.

Phakathi kwalezi zikhulu ezingobhongoza bempi kukhona esingqubuzana nalo kaningana impela ngoba sona asilwethembi nakancane nje. Bugcina butholakele ubufakazi bokuthi Bhunu ndini ngempela uyimpimpi yamaBhunu. Butholakala nje selicuphe amabhomu asemi ngomumo ukuba liwaqhumise kuphele ngabo bonke obhongoza bempi ye-ANC ababuthene lapha, kanye nalo uqobo. Kungabe kusapholiswa maseko, kusukwe khona manjalo ikhukhule amabombo esebhekiswe kwaNgola, namuhla eseyaziwa nge-Angola, eyaqanjwa ngenkosi yakhona yaphambilini, uNgola; kukhukhuswa nalo belu iBhunu eseliyisiboshwa.

Ngabe lokhu sekuwukubhuntsha kwecebo likahulumeni weNationalist Party njalo lokuqotha imbokodo nesisekelo kobhongoza bempi be-ANC? Phela siyazicacela nje isiphetho sesethenjwa sakhe?

Kodwa lethuke lome ukuthola ukuthi akulona lodwa impimpi yaseNingizimu-Afrika ekule ndiza abakuyo. Khona lapho thushu amaCheetah ombutho wempi waseNingizimu-Afrika athunywe ukudubula le ndiza abahamba ngayo ingakaweqi umngcele ingene kwaNgola, umngcele lowo nanku nje la phambi kwabo.

Angingageqi amagula sengathi ngiyemuka. Zifundele.

Additional information

Weight 0,2 kg
Dimensions 22 × 15 × 3 cm

Reviews

There are no reviews yet.

Be the first to review “Ukuzinikela Ekufeni Isibili by Bonga Ngwane”

Your email address will not be published. Required fields are marked *